ukuthandana nomuntu onengane in zulu means dating with someone with a child. is it good or bad to date someone with a child? would you date someone with another person's child? Ukuthanda umuntu onengane nakho kunama challenges akho. Uzothini uma esebuyelana nobaba wengane? uzokwenzenjani uma esefonela umuntu wakho ekhuluma ngengane zonke izinsuku? uzokwenzenjani uma eseba nomona akufake isichitho? Ukuthandana nomuntu onengane lapho ubaba wengane esashona khona yikho okuhle, kodwa nakho kubi ngoba uzohlale ekuqhathanisa nobaba wengane osashona ngoba ezitshela ukuthi ubaba wengane osashona babengeke bahlukane, kuhle uzithathele umuntu wakho ongenangane uma ungafune drama.
Uzokondla ingane ekungeyona eyakho ngenkani, noma ngabe iyalotsholwa leyongane wena awuyena ubaba wawo kahle kahle so angeke uthole izinkomo, ngiyazi esikhathini samanje akubalulekile lokho, kodwa ezindaweni zasemakhaya okusaphilwa ngosiko kubalulekile lokho, awuyena ubaba wengane wena uyi step father, kungenzeka ingane ikhule ikuzonda ngoba wahlukanisa abazali bayo, ingane kungaba ingane yomfana ibe yipara ikuhluphe, kangakanani usukhaliswa ingane ongayizali? kungaba yingane yentombazane ikuzalele izingane izilethe la kwakho uzozondla lezongane ngoba ucenge uthando lwamama wayo.
Kuyenzeka umama wengane abonane nobaba wengane ngasese, kuyenzeka uthole umuntu wesifazane ohlukumezekile elahliwe ubaba wengane, ujole naye umnike ithemba uze wondle ingane , idlule iminyaka, ubaba wengane abuye, wena usale kanjalo. Ekugcineni kukuwena ukuthi uyathanda yini ukuthandana nomuntu onengane noma cha.
Umuthi wokuphasa wokuhlakanipha esikoleni
Grade 12 Matric whatsapp groups
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |